Yini umehluko phakathi Komthetho Wamanzi Kazwelonke kanye Nomthetho Wezinsizakalo Zamanzi?
Kungani Kusetshenziswe igama Umthetho Wamanzi Kazwelonke, ka-1998?
Ngubani onesibopho emithonjeni yamanzi esizwe?
Lo mhlahlandlela uphathelene Nomthetho Wamanzi Kazwelonke (Umthetho Weno. 36 we-1998). Njenganoma yimuphi umthetho, Umthetho Wamanzi Kazwelonke ubhalwe ngolimi olusemthethweni olungelula ukuthi uluqonde. Lo mhlahlandlela uchaza ukuthi Umthetho uthini nokuthi usho ukuthini.
Isimiso esisemqoka Somthetho Wamanzi Kazwelonke ukuthi bonke AbaseNingizimu Afrika kumele bakwazi ukubamba iqhaza ekuphatheni amanzi. Inhloso yalo Mhlahlandlela ukusiza abasebenzisi bemithombo yamanzi (imifula, imifudlana, amanzi edamini, amanzi angaphansi komhlaba, njalo njalo) ukuqonda Umthetho ukuze babambe iqhaza ngokunencazelo kuzinqumo eziphathelene nezindaba zamanzi ezihambisana nabo.
Ngubani okumele afunde lo Mhlahlandlela?
Noma ngubani ofuna ukuzibandakanya ekuphatheni kwamanzi.
Ukuze uthole ulwazi oluningi olwengeziwe ngesihloko esicacile kumele uxhumane nehhovisi Lesifunda eliseduzane loMnyango Wezindaba zamanzi kanye Namahlathi. Imininingwane yokuxhumana yenziwe uhlu ekhasini lokugcina langemuva. Ikhophi Yomthetho Wamanzi Kazwelonke ingatholakala kuwebhu lapha www.dwaf.gov.
Yini okuqukethwe yilo Mhlahlandlela?
Lo mhlahlandlela awubandakanyi noma yiyiphi into engaphakathi Komthetho Wamanzi Kazwelonke. Inikeza umhlahlandlela jikelele Womthetho kanye nolwazi olucacile ngezingxenye ezisemqoka zoMthetho, emiselwe ukusiza abasebenzisi bamanzi ukubamba iqhaza kuzindaba zemithombo yamanzi.
izikhungo zokuphatha imithombo yamanzi ziyamiswa.
Kungani Umthetho Wamanzi Kazwelonke Usemqoka?
Umthetho Wamanzi Kazwelonke usemqoka ngoba uzawubeka endaweni efanele izinto ezikumthethosisekelo eziphathelene namanzi.
Yini okusemqoka empilweni yonke. Ngaphandle kwamanzi akukho muntu, similo, silwane noma okuthile okuphilayo okungaphila. Anisela amasimu abalimi, anisela izinhlamvu kanye nemihlambi yemiphakathi yasemaphandleni; anikeza ukungcebeleka, eseka indawo yokuhlala; eseka amadolobha namadolobha amakhulu, izimayini, izimboni kanye nokuveza amandla kagesi. Abantu badinga amanzi ukuphuza, ukumilisa izinto kanye nokupheka ukudla, ukugeza, kanye nezempilo.
INingizimu Afrika yizwe elomile, elinemvula encane. Imithombo eminingi yethu yamanzi isisetshenziswe ngokweqile. Nsuku zonke abantu namabhizinisi athelela ngamandla ngezinga lemifula nemifudlana yethu, amanzi ethu angaphansi komhlaba kanye nezindawo ezinamanzi. Izindawo eziningi ezweni zibhekene nokuntuleka kwamanzi, lapho sidinga amanzi amaningi kunalawa esinawo. Kulezi zindawo indawo esihlala kuzo zingaphansi kokusindwa/kokukhathazeka futhi abantu abathile abakwazi ukufinyelela emanzini ahlanzekile (aphuzwayo) noma abatholi ishezi labo elifanelekile lamanzi.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke usemqoka ngoba unikeza indlela yokuvikela imithombo yamanzi ukuze angasetshenziswa ngokweqile futhi ukuze kube namanzi okuthuthukisa ezenhlalakahle nezomnotho kanye namanzi esikhathini esizayo. Kusemqoka futhi ngoba iyasho ukuthi amanzi angawaso sonke isizwe ukuze kuzuze wonke umuntu.
Yini imithombo yamanzi?
Imithombo yamanzi yimizimba yamanzi efana nemifula, imifudlana, izindawo zamanzi, izizalo kanye namanzi angaphansi komhlaba. 'Amanzi angaphezulu' ngamanzi angaphezu komhlaba. 'Amanzi angaphansi' ngamanzi angaphansi komhlaba (isibonelo ama-aquifers).
Yini umehluko phakathi Komthetho Wamanzi Kazwelonke kanye Nomthetho Wezinsizakalo Zamanzi?
Kungani unikezwa igama Umthetho wamanzi Kazwelonke, ka-1998?
Kazwelonke' kusho ukuthi Umthetho wenzelwe ilizwe lonke. 'Umthetho' umthetho ophasiswe ePhalamende. Umthetho Wamanzi Kazwelonke ngaloko kusho ukuthi ungumthetho ngamanzi, owenzelwe iNingizimu Afrika yonke. Uvunywe yiPhalamende ngo-1998.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke usho ukuthi amanzi angumthombo wemvelo ongowabantu bonke baseNingizimu Afrika. Uthi amanzi kumele ahlukaniselwane ngemfanelo kanye nangendlela elinganayo. Uthi amanzi adingeka njengesisekelo esiyizidingo zobuntu (afana namanzi okuphuza, okulungisa ukudla/ okupheka kanye nokokuphuzela ezempilo) kanye namanzi endawo esihlala kuyo kumele abekelwe eceleni ngaphambi kokuba anikezelwe okunye ukusetshenziswa.
Ngoba amanzi asemqoka kakhulu kubantu, Umthetho Wamanzi Kazwelonke uthi abantu kumele babambe iqhaza ekuphatheni imithombo yamanzi. Uthuthukisa ukuphathwa kwemithombo yamanzi. Uthuthukisa ukuphathwa kwemithombo yabantu ngokusondele ebantwini ngokuphumeleka kakhulu. Wenza loku ngokumisa izikhungo zesifunda nezendawo ezintsha, ezifana Nezikhungo Zezindawo Zemvula(ama-Catchment Management Agencies). Lezi zikhungo ezintsha zizawuba nabameli abavela emphakathini futhi bazosiza umphakathi ukuthi uzibandakanye kuzinqumo eziphathelene namanzi.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke ususa yonke imiqondo yobandlululo yokufinyelela kwabathile. Uthuthukisa ukusetshenziswa kwamanzi ngothando lwabo bonke baseNingizimu Afrika. Ikhuphula amanzi ukuze kube nokuthuthuka okwesekekayo.
Yini inhloso Yomthetho Wamanzi Kazwelonke?
ivikelekile iyasetshenziswa iyathuthukiswa iyalondwa iyaphathwa futhi iyahlolwa ngendlela eyigcinayo nelinganisayo (ngokufanele) ukuze kuzuze wonke umuntu.
Ngubani onesibopho emithonjeni yamanzi yesizwe?
Uhulumeni kazwelonke (Umnyango Wezindaba Zamanzi kanye Nezamahlathi) osebenza ngokuzwa Ungqongqoshe Wezindaba Zamanzi kanye Namahlathi ngumphatheli womphakathi wemithombo yamanzi yesizwe.
UNgqongqoshe Wezindaba Zamanzi kanye Namahlathi unesibopho sokuqinisekisa ukuthi Inqubo Yemithombo Yamanzi Kazwelonke iyamiswa. Ukufingqwa kwenqubo kumele kwethulwe Emqulwini Kahulumeni. Inqubo Yemithombo Yamanzi Kazwelonke ibophezela zonke izikhungo zamanzi kanye nabasebenzisi bamanzi. UNgqongqoshe kumele abuyekeze ngokwandisa ulwazi Inqubo Yemithombo Yamanzi Kazwelonke njalo eminyakeni ecishe ibe mi-5.
Yini inhloso Yesu Lomthombo Wamanzi Kazwelonke?
Inhloso Yenqubo Yomthombo Wamanzi Kazwelonke ukuqinisekisa ukuthi imithombo yamanzi esizwe aphathwa ngendlela efanele ezwe lonke jikelele. Uphinda futhi unikeze uhlahlo ngokuthi amanzi kumele aphathwe kanjani ezindaweni zokuphatha amanzi ezichaziwe.
Usho ukuthi ngamanzi angakanani okumele 'alondolozwe' kuzidingo zobuntu eziyisisekelo kanye nendawo yokuhlala. Inqubo Yomthombo Wamanzi Kazwelonke kumele iqinisekise ukuthi kukhona amanzi esikhathi esizayo kanye nokusetshenziswa okukhethekile okufana namandla okwenza amanzi kazwelonke. Ibeka amagabelo amazinga amanzi. Uyasho futhi ukuthi izikhungo zokuphatha imithombo yamanzi (ezifana Nezikhungo Zokuphatha Izigodi Zemvula) kumele zimiswe kanjani.
Uhulumeni kazwelonke uhlukanise izwe lonke laba yizindawo eziyi-19 zokuphatha amanzi. Umthetho Wamanzi Kazwelonke uthi inqubo ithuthukiselwa indawo yokuphatha amanzi ngayinye. Le nqubo ibizwa inqubo yokuphatha izigodi zemvula(i-catchment management strategy) (i-CMS).
Ngubani othuthukisa isu lokuphatha izigodi semvula?
Umthetho Wamanzi Kazwelonke uthi inqubo yokuphatha izigodi zemvula i-catchment management agency i-CMA kumele imiselwe indawo yokuphatha amanzi ngayinye. I-CMA inesibopho sokuthuthukisa inqubo yokuphatha izigodi zemvula zezindawo zayo zokuphatha amanzi.
Kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuba wonke woyi-19 ama-CMA amiswe. Njengoba kungekho i-CMA emisiwe endaweni yokuphatha amanzi, Umnyango Wezindaba Zamanzi kanye Namahlathi isebenza njenge-CMA.
Yini inhloso yesu lokuphatha isigodi semvula?
Inhloso yenqubo yokuphatha izigodi zemvula okusho ukuthi amanzi azonikezelwa kanjani (azohlukaniswa kanjani) ngaphakathi kwabasebenzisi bamanzi. I-CMA ibhekene nabasebenzisi bamanzi abaningi, isibonelo ukusetshenziswa ngomasipalati, ezezimboni, ezolimo, ezezimayini njalo njalo. Indlela i-CMA inikezela okumele athuthukise yonke imiphakathi esesimweni esibi. Inqubo yokuphatha izigodi zemvula kumele isho ukuthi imithombo yamanzi izophathwa kanjani ngaphakathi kwezindawo zokuphatha amanzi nokuthi umphakathi ungabamba iqhaza kanjani ekuphatheni imithombo yamanzi. Kumele futhi ifanelane nenqubo Yemithombo Yamanzi Kazwelonke.
Uhulumeni kumele aqinisekise ukuthi amanzi avikelekile, kodwa udinga futhi ukuqinisekisa ukuthi kukhona amanzi wokuthuthukisa ezenhlalakahle nezomnotho.
Enye yezindlela uhulumeni enza ngayo loku ukwenza isizinda Sokulondoloza.
Indawo yokulondoloza kunegunya nangaphezu kwakho konke. Ngamanye amazwi isamba samanzi sendawo Yokulondoloza kumele ibekelwe eceleni ngaphambi kokuba imithombo yamanzi inganikezelwa abasebenzisi bamanzi.
Kuzowuba yinkinga enkulu (kanye nezingqubuzana Nomthethosisekelo) uma ngabe ezolimo, izimboni, izimayini njll. Zisebenzisa amanzi amaningi kakhulu ukuthi kunamanzi angalingene nezidingo zabantu eziyisisekelo okufana nokuphuza, ukupheka kanye nezinhloso zempilo kanye nezempilo.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke uqinisekisa ukuthi wonke umuntu ufinyelela emanzini alingene ngokubekela eceleni isamba esithile samanzi ukuthi afinyelele izidingo eziyisisekelo zawo wonke umuntu. Lesi samba samanzi abekelwe eceleni kuzidingo eziyisisekelo zobuntu. Lesi samba samanzi sibekelwe eceleni kuzidingo zobuntu eziyisisekelo ezibizwa Indawo yokulondoloza yezidingo zobuntu eziyisisekelo.
Ukuqinisekisa ukuthi kunamanzi anele ezinga elivumelekile lokusetshenziswa kwasmanzi okuzayo, Umthetho Wamanzi Kazwelonke uthi amanzi kumele abekelwe eceleni Endaweni Yokulondoloza ye-Ekholoji. Indawo Yokulondoloza ye-Ekholoji ngamanzi adingekayo ukuvikela nohlelo lwe-ekholoji yomthombo yamanzi. Kumele iqashelwe ngokuphepha bese ingasetshenziselwa ezinye izinhloso.
Ngubani ohlela Indawo Yokulondoloza?
Ungqongqoshe Wezindaba Zamanzi kanye Namahlathi kumele kuhlele Indawo Yokulondoloza Amanzi . UNgqongqoshe kumele abeke isamba samanzi kanye nezinga lamanzi okumele asale emithonjeni yamanzi yezidingo eziyisisekelo zabantu kanye nezidingo ze-ikholoji.
Kusho ukuthini ukusetshenziswa kwamanzi?
a isamba samanzi emithonjeni yamanzi b izinga lamanzi emthonjeni wamanzi c indawo ezungeze umthombo wamanzi.
Umasipalati owakha idamu emfuleni, noma ompompa amanzi ukusuka emfuleni, noma embotsheni embiwayo, noma okhipha amanzi anokungcola uwaphindisele emfuleni ngokusebenzisa ukusetshenziswa kwamanzi. Ngokunjalo nomlimi noma u-ESKOM noma ibhodi yamanzi noma yimuphi omumye umuntu othatha amanzi ngqo ukusuka emthonjeni.
Noma ngabe amanzi awasuswa, kodwa udonga lwedamu luyakhiwa emfuleni ukufama ngezinhlanzi, noma ibhuloho elisha liyakhiwa elithikameza ukugeleza kwamanzi, kukhona ukushaya ngamandla kumithombo yamanzi. Imisebenzi efana nalena ibonakala njengokusetshenziswa kwamanzi. Ukusebenzisa amanzi ngezinhloso zokungcebeleka, okufana nokuhamba ngezikebhe, nako kuwukusetshenziswa kwamanzi.
Yikuphi okuphambili ekusetshenzisweni kwamanzi?
Indawo yokulondoloza yiyona yokuqala. Kodwa kukhona okusemqoka kokuqala okumele kufinyelelwe kuko ngaphambi kokuba amanzi anikezelwe ezindaweni zokuphatha amanzi. Ukuze kufinyelelwe kuloku okusemqoka ingxenye yamanzi endaweni ngayinye yokuphatha amanzi ibekwa ngaphansi kokuphathwa ngqo okuqondene noNgqongqoshe.
amanzi esivumelene ukwehlukaniselana ngawo namazwe angomakhelwane ngesivumelwano samazawe ngamazwe amanzi asetshenziselwa ukukhanyisa ugesi amanzi okumele adluliswe ukusuka endaweni eyodwa yokuphatha amanzi ukuya kwenye indawo yokuphatha amanzi. Ezinye izindawo zokuphatha amanzi azinawo amanzi alingene kuthi ezinye izindawo zokuphatha amanzi zibe namanzi amaningi(ongeziwe). Ungqongqoshe angagunyaza ukudluliselwa kokunikezelwa kwamanzi phakathi kwezindawo zokuphatha amanzi.
Okunye okusemqoka ukulondoloza amanzi ukuqinisekisa ukuba khona kwamanzi esikhathini esizayo.
Inqubo Yomthombo Wamanzi Kazwelonke kumele inikezele kuko konke loku okusemqoka. Umdwebo ongezansi ubonisa ukuthi ngamanzi angakanani anikezwayo aphindwa abekwa njengokusemqoka Kunqubo Yemithombo Yamanzi Kazwelonke.
Ngobani abasebenzisi bamanzi ethu?
Kuphathwa kanjani ukusetshenziswa kwamanzi?
Amanzi asetshenziswayo aphathwa ngokulinganisa ukuthi amanzi kumele asetshenziswa kanjani. Umthetho Wamanzi Kazwelonke ulinganisa amanzi asetshenziswa ngokuwabhalisa ezinhlotsheni ezehlukene zezinhlangano.
Ukuze kuphathwe ukusetshenziswa kwamanzi, Umnyango Wezindaba Zamanzi kanye Namahlathi kumele wazi ukuthi yikuphi ukusetshenziswa kwamanzi okwenziwayo nokuthi ngamanzi angakanani asetshenziswayo ukusuka emithonjeni yamanzi ehlukile. Ukuthola lolu lwazi , abasebenzisi bamanzi abakhona kumele babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi uma bethatha begcina amanzi, noma uma bebanga ukwehliswa kokugeleza kwamanzi emifudlaneni (ezamabhizinisi amahlathi). Ukusetshenziswa kwamanzi kwamanje kubhaliswa Ehhovisi Lesifunda loMnyango Wamanzi Nezamahlathi. Abasebenzisi bamanzi abangakubhalisi ukusebenzisa kwabo amanzi bazifaka ukulahlekelweni ngamalungelo abo amanzi abanawo.
Ukusetshenziswa kubizwa ukusetshenziswa Kwesheduli yoku-1. Okwamanje ukusetshenziswa kwesheduli yoku-1 akumele kubhaliswe.
Awuyidingi futhi ilayisense uma ukusetshenziswa kwamanzi kwengamela ukunikezwa kwegunya jikelele. Ukunikezwa kwegunya jikelele kuyimvume enikezwa nguNgqongqoshe kokunye ukunikeza igunya Jikelele okuncane kushicilelwa Emqulwini Kahulumeni. Izibonelo zokunikezwa igunya jikelele zifaka ukugcina amanzi ayisamba esilingene edamini, noma ukukhipha amanzi ayisamba esilingene emifuleni ethile, noma kumithombo yangaphansi(izimbobo ezimbiwe zamanzi).
Umsebenzisi kumele afake isicelo selayisense sanoma yikuphi ukusetshenziswa kwamanzi okusha okungenziwanga uhlu kuSheduli yoku-1 noma okungengamelwa ukunikeza igunya jikelele. Amalayisense amanzi asetshenziswa ukuphatha ukusetshenziswa kwamanzi okungaphezu kwemikhawulo ebekwe kusheduli yoku-1 futhi kwavunywa njengokungena ngaphansi kokunikeza igunya jikelele.
Umnyango Wezindaba Zamanzi kanye namahlathi noma isikhungo sokuphatha izigodi zemvula unganikeza ilayisense yokusebenzisa amanzi.
bafaka izicelo ezifanele Ehhovisi Yesifunda Yomnyango Wezindaba Zamanzi Nezamahlathi ukuze bathole ilayisense; noma babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi Ehhovisi Lesifunda.
Wonke amalayisense azakunikezwa ngemithetho yamalayisense. Le mithetho kuzawuvunyelwana ngayo nabasebenzisi bamanzi lapho kufanele khona. Enye yezimo ezisemqoka kakhulu zelayisense isikhathi esiphathelene nokusebenza kwelayisense. Bonke abasebenzisi bamanzi kumele balalele lemithetho ebekwe kulayisense yabo yokuba ngumsebenzisi wamanzi uma kungenjalo bangalahlekelwa ngamalayisense abo.
Kukhona izindleko ekuthuthukiseni nasekuphatheni imithombo yamanzi ukuze ivikeleke futhi yalondolozwa ukuze isetshenziswe ukuze kube nezinzuzo. Lezi zindleko zizawutholwa kuba sebenzisi ngokusebenzisa izinkokhelo zokusebenzisa amanzi.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke uvumela uNgqongqoshe Wezindaba zamanzi, ngemvume yoNgqongqoshe Wezezimali, ukuthuthukisa inqubo(uhlelo) lokubala izinkokhelo zokusetshenziswa kwamanzi.
UNgqongqoshe useyazisile inqubo yakhe yamanani Emqulwini Kahulumeni. Umthetho Wamanzi Kazwelonke uyamvumela ukuba awaguqule emva kwesikhathi esithile.
Inqubo yamanje yokufakela amanani ivumela izinhlobo ezintathu zezinkokhelo zamanzi.
Okokuqala, inkokhelo yokunikeza imali yokuphatha imithombo yamanzi okuyizinkokhelo zokuphatha imithombo yamanzi. Loku kuzofakela izindleko zabasebenzisi ababhalisiwe, ukunikezwa kwamalayisense, ukwenza indawo yokulondoloza. Ukulinganisa ukugeleza emifuleni, ukuvivinya izinga lamanzi, ukuphatha ukungcoliswa kwamanzi nokuphatha ukulondolozwa kwamanzi njll.
Bonke abasebenzisi bamanzi ababhalisiwe bazokunikezwa ama-akhawunti amanzi ezindleko zokuphatha imithombo yamanzi. Izindleko zingehluka phakathi kwezinhlobo ezahlukene zabasebenzisi kanye nangaphakathi kwezindawo ezahlukile zokuphatha amanzi. Okwamanje, izinkokhelo ziphansi emanzini ekuholweni kwamanzi kunokusetshenziswa kwamanzi wasezindlini/nawezimboni.
Okwesibili, inkokhelo yokuthuthukisa imithombo yamanzi yizinkokhelo zezindleko zokwakha nokusebenzisa izikimu zokunikeza amanzi, ezifana namadamu, amakhanali, amathaneli njll asetshenziswa ukugcina amanzi noma ukunikeza amanzi.
Izindleko zokuthuthukisa imithombo yamanzi ifaka izindleko zokwakha isikimu samanzi kanye nezindleko zokusebenzisa isikimu.
Okwesithathu, inkokhelo yokukhipha ukungcola yizinkokhelo zokukhipha amanzi anokungcola noma okugobhozela emfuleni futhi kuyizindleko " zokokukhokhela ukungcolisa".
Umthetho Wamanzi Kazwelonke unikezela ukumiswa kwezikhungo zokuphatha izigodi zemvula zezindawo zokuphatha amanzi.
Inhloso yokumiswa kwe-CMA ukubandakanya imiphakathi yendawo ekuphatheni imithombo yamanzi. I-CMA iphatha imithombo yamanzi ngaphakathi endaweni yayo yokuphatha imithombo yamanzi ebekelwe yona ngokulandela inqubo yayo yokuphatha indawo eyizigodi zemvula.
Izikhungo zokuphatha izigodi zemvula kumele ziqinisekise ukuthi bonke ababambi qhaza abanothando kufakwa nemiphakathi ehluphekayo eye yabandlululwa iyakwazi ukubamba iqhaza kuzinqubo zokuxoxisana kanye nezinqumo ze-CMA.
Ungqongqoshe Wezindaba Zamanzi kanye Nezamahlathi angakwazi ukuthuma (ukuphathisa) imisebenzi eyengeziwe ku-CMA efana nokuphatha jikelele kwezindawo zemithombo yamanzi.
Inhlangano yabasebenzisi bamanzi ukubekwa ngamaqembu kwabasebenzisi bamanzi abazimisele ukusebenza bebonke. Abasebenzisi bamanzi 'bayasebenzisana' ekwenzeni imisebenzi ephathelene namanzi ezingeni lendawo ukuze bazuze ngokuvumelana. Isibonelo inhlangano yabasebenzisi bamanzi izokwakhiwa uma iqembu labalimi befuna ukwakha ikhanali efanayo noma idamu ukuze bazuze ngokuvumelana, noma iqembu labalimi abasafufusa abafisa ukuisebenzisana.
Amabhodi enkasa akhona, amabhodi amanzi ezinhloso zokunisela impahla kanye namabhodi okuphatha amanzi abhekela ukusetshenziswa kwamanzi angaphansi(amabhodi okuphatha amanzi angaphansi komhlaba) azawuguqulwa wonke abe yizinhlangano zokusetshenziswa kwamanzi. Loku kungafakela ukwandisa indawo ekhethelwe/ebekiwe yalezi zikhungo ukufaka abanye abasebenzisi noma eminye imithombo yamanzi.
Inhlangano yokusetshenziswa kwamanzi kungaba yisigaba esisodwa noma inhlangano yezigaba eziningi. Inhlangano yesigaba esisodwa iqukethe iqembu labasebenzisi abafanayo, isibonelo abalimi abasafufusa, futhi lenza ngothando lwalabo balimi. Inhlangano yezigaba eziningi equkethe iqembu labasebenzisi abahlukene, isibonelo izimboni, abalimi, izimayini njalo njalo, futhi benza ngothando lwabasebenzisi abahlukene.
Inhloso ye-WUA ukwenza abasebenzisa bamanzi bakwazi ukusebenzisana bese behlanganisa imithombo yabo (yezimali, yokuphathelene nezindaba zezisebenzi kanye nobuciko) ukuze bakwazi ukwenza imisebenzi ephathelene namanzi ngemfanelo. Ama-WUA anegunya elisemqoka okumele aliphathe ngokuphathelene nokuphelisa ubuphofu kanye nokunikeza ukuphepha ekudleni.
Umthetho uhlomisa uNgqongqoshe ukumisa amakomiti okweluleka. Lawa makomiti angamiswa ngezinhloso ezehlukile kanye nokwenza imisebenzi ehlukile. Lawa makomiti angawohlobo lokweluleka ngokwemvelo, kodwa uNgqongqoshe anganikeza amandla athile emakomitini okweluleka.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke unikeza ukumiswa kwamabandla azosebenzisa izivumelwano zamazwe ngamazwe. Lezi zivumelwano ziphathelene nokuthi kuphathwa kanjani nokuthuthukisa imithombo yamanzi ahlukaniselwana namazwe angomakhelwane.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke uvumela Uhulumeni ukuba akhe, abe ngumnikazi noma athenge amadamu kanye neminye imisebenzi yamanzi(ingqalasizinda), uma ngabe ibhekene nokuthanda komphakathi. Uhulumeni anganikeza amanzi ukusuka emadamini akhe kanye nakumisebenzi yamanzi ngokufanayo nokunikeza amanzi avela emthonjeni.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke uqukethe izinhlobo zezindlela zokuphatha ukwenza ngcono ukuphepha kwamadamu amasha namadamu akhona. Loku ukuqinisekisa ukuthi anengozi enokuphepha.
Amadamu amakhulu angaba nengozi enkulu kubantu nasendaweni abakuyo. Amadamu angahlelwanga ngemfanelo noma avunyelwayo ukuba amosakale ngokunganakekelwa ngemfanelo ayingozi ethile.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke unikezwa ukumiswa kweBandla Lamanzi ukulalela izikhalazo eziphikisa izinqumo noma iziyalo ezinikezwa yiziphathimandla ezinesibopho noma izikhungo eziphatha amanzi, ezifana nama-Catchment Management Agencies. Ibandla lamanzi liyinhlangano ezimele.
Umsebenzisi wamanzi angaphikisa isinqumo Ebandleni Lamanzi ngokuphathelene nezinqumo eziyizinhlobo ezahlukene ezenziwe yizikhungo eziphatha amanzi, isibonelo izibizo zezindleko; amasheduli okunikeza amanzi; izinqumo zamalayisense; kanye nokunye.
Ibandla Lamanzi lamiswa ngo-Okthoba ka-1998. Lingabamba ukuthethwa kwamacala ezindaweni lapho imbangela yokwenzekayo iqalise khona. Ukusebenza Kwebandla kukhokhelwa Umgcini zimali Kazwelonke.
